Noma ngubani ngaphandle kwezinkampani ezibaliswe ngo-komthetho kanye nezinhlangano.
Umuntu ongaphansi kweminyaka engu 21 kufanele asizwe ngumzali wakhe noma umbheki wakhe osemthethweni.
Ngubani ongamangalelwa zimfuno?
Ngaphandle kuka hulumeni, noma ngubani angamangalelwa kuhlanganise nezinkampani, izinhlangano, omasipala ngisho nanoma yini enye esebenza endaweni ephethwe yileyo nkan-tolo.
Imali engakanani engamangalelwa?
Uma izimfuno zakho singaphezu kwenani lika R7000, un-gafaka izimfuno zenani elingaphansi ukuze isimangalo sakho samukelwe enkantolo yokumangalela izimfuno ezincane.
Izimfuno zemali yenani elingaphezu kuka R7000.
Izimfuno zokumangalela u-Hulumeni.
Izimfuno ezimayelana nobunjalo besimo sengqondo yomuntu.
Izimfuno ezibizela isenzo esithile esingavumi inkokhelo yokunxeshezelwa, ngaphandle kwecala elihlanganisa uku-dluliswa kwe akhawunti noma kwempahla ezinzile noma ethwalekayo engengaphezu kuka R7000 inani layo.
Ingabe uphoqelekile ukumangala enkantolo yezimfuno ezincane?
Cha, ungakwazi ukukhetha ukuthi ufuna ukumangala enk-antolo yezimfuno ezincane okanye noma kuyiphi inkantolo engaqula icala lakho.
Ukuthola ummeli nosizo lwakhe ekulungiseleleni isi-mangalo.
Akuvunyelwe ukumelwa ngummeli ojwayelekile noma ophakeme. Kodwa nokho, ngezindleko zakho ungazitholela iseluleko sommeli ngaphambilini.
Kufanele kuhlelwe kusengaphambili nomabhalane wenkantolo ukutholakala komhumushi uma ubufakazi buzonikezwa ngolimi olungaqondwa kahle ngomunye wabathintekayo.
Mazise ummangalelwa (lona ngumuntu ofaka isimangalo esingo-komthetho ngokumelene naye) ngokuya kuye ngokoqobo, ngocingo noma ngokumbhalela, umcele ukuthi akwanelise izimfuno zakho.
Uma ummangalelwa engaphenduli esicelweni sakho, mbhalele incwadi yezimfuno (ubalule yonke imibandela yemfuno, nenani izimfuno zakho) umnikeze ithuba lezinsuku ezingu 14 ukusuka usukwini athole ngalo incwadi yezimfuno yokwanelisa imfuno zakho evela kuwena.
Yihambise ngesandla noma ngeposi elibhaliswayo incwadi yesibizo kummangalelwa (lomuntu ofaka isimangalo esingokomthetho ngo-kumelene naye).
Noma yiyiphi incwadi yesivumelwano noma eyisiqinisekiso semibandela izimfuno zakho.
Igama eliphelele nekheli (ikheli lase khaya, nelasemsebenzini, uma likhona) nenombolo yocingo kammangalelwa.
Yena nomsizi wezomthetho bazocubungula izincwadi oziphethe bese bekusiza ukubhala isamanisi elilula.
Uyobhala isamanisi akunikeze lona.
Ungalihambisa wena uqobo isamanisi kummangalelwa.
Isamanisi ungalinikeza nenkokhelo yokulihambisa ephoyiseni lesi-funda (u-Sheriff) lapho ummangalelwa ehlala khona, ukuze iphoyisa lilihambise kummangalelwa.
Yini okufanele uyenze ngokulandelayo?
Gcina incwadi yesivumelwano noma iyiphi incwadi eyisiqinisekiso semibandela yesibizo osenzayo.
Yazisa ofakazi bakho ngosuku nesikhathi sokuqulwa kwe-cala uhlele nokuthi babe khona enkantolo ngaleso sikhathi esibekiwe.
Angase abambisane ngokwenelisa izimfuno sika mmangali.
Angathumela isitatimende esibhaliwe kunobhala wenkantolo, esiqukethe imininingwane nemibandela yokuzivikela kwakhe, abese ethumela ikhophi kummangali.
Angafaka esakhe izimfuno esimelene naleso ngokuletha isitatimende esiqukethe iminingwane edingekayo yesamanisi mabhalane wenkantolo.
Uma kuvela isikhalo sika shwele noma izimfuno esimelene, icala kusafanele liqhubeke nokuqulwa.
Yini okufanele uyenze uma ummangalelwa esenelisile izimfuno sakho?
Wazise umabhalane wenkantolo masinyane ukuthi izimfuno sakho sesanelisiwe nokuthi ngeke usaqhubeka necala.
Yini okufanele uyenze ngosuku nesikhathi sokuqulwa kwecala?
Kufanele uze enkantolo qobo lwakho.
Indlela yokuqulwa kwecala ingekhululekile futhi elula.
Akuvunyelwe ukufakana imibuzo phakathi kwabamangala-lene. Nokho, ngemvume ka Khomishani ungayibuza imibuzo embalwa kwenimangalanene naye.
Lapho uKhomishani eselalele okushiwo nguwena nalowo enimangalanene naye nofakazi abangase kube bakhona, ink-antolo izokwethula isinqumo. Ukhomishani angasho nokuthi uzonazisa isahlulelo sakhe ngokunibhalela kamuva.
ukuphathwa budedengu okukhulu kwalelo cala.
Isinqumo senkantolo singu juqu, ngaphandle-ke uma sikhona isizathu esamukelekayo sesikhalazo.
Khokhela noma yiziphi izindleko ezibekwa yinkantolo kuwena. Izindleko ezingaba khona yilezo ummangali angabe uzithole ngokukhokhela u-sheriff.
Hambisana nesinqumo senkantolo.
Lowo enimangalenene naye uyokukhokhela masinyane imali yesahlulelo, uma enayo. Mnikeze ilasidi laleso samba masin-yane.
Uma lowo enimangalenene naye engakwazi ukulandela isinqumo senkantolo khona lapho, inkantolo izofunisisa isimo sakhe ngokwezimali nokuthi angakwazi yini ukukukhokhela mayelana nesahlulelo kanye nezindleko bese ikhipha isinqumo salokho.
Uma lowo olahlwe yicala ehluleka ukulandela isahlulelo noma isinqumo senkantolo yokumangalela izimfuno ezincane kanti wena ufuna ukumphoqa ngaleso sahlulelo, icala lidluliselwa enkantolo yemantshi, bese liqulwa ngokulandela uMthetho weZinkantolo zeziMantshi, 1944 (Umthetho 32, ka 1944). Kuyancomeka ukuba uthole ummeli ngokuqulwa kwaleli cala.
Leli pheshana likwazisa nje ngezinyathelo ezisemqoka okumel-we zilandelwe mayelana nokufaka isimangalo secala enkantolo yokumangalela izimfuno ezincane.
Uma udinga noma yiluphi usizo nganoma yiyiphi indaba, liyatholakala ikheli nenombolo yocingo kanobhala wenkan-tolo yokumangalela izimfuno ezincane, enkantolo kamantshi yangakini.
